Back

INyuvesi YaKwaZulu-Natal yasungulwa ngezi-01 kuMasingana 2004, kulandela ukuhlanganiswa kweNyuvesi yase-Durban Westville Kanye neNyuvesi yaseNatali. Inyuvesi entsha iqukethe umlando ngazo zombili lezi zikhungo esezihlanganisiwe

INyuvesi yase-Durban Westville yasungulwa ngonyaka we-1960’s njengeKolishi leNyuvesi lamaNdiya eSiqhingini saseSalisbury eChwebeni laseThekwini. Kuwo wonke unyaka we-1960, izibalo zabafundi zazincane kulandela ukuthi umbimbi lukaKhongolose (Congress Alliance) lwaluqhuba ngenqubomgomo yokugwema izihlaka zobandlululo. Le nqubomgomo yaholela ekusungulweni kwesu le “zemfundo ngaphansi ngomzabalazo” elalingama-1980’s, elalihlose ukuguqula izikhungo zobandlululo ngaphansi komzabalazo. Izibalo zabafundi zakhula ngonyaka we-1971, nokwaholela ekutheni iKolishi linikezwe imvume yokuba yiNyuvesi.Ngonyaka olandelayo, iNyuvesi neyayisiyaziwa ngokuthi yiNyuvesi yaseDurban-Westville, yathuthela ekhempasini entsha eWestville neyabe iwuphawu olugqamile lomzabalazo owawumelene nobandlululo. I-UDW yaba yisikhungo esizimele ngo-1984, nokwaholela ekutheni ivuleleke kubafundi bazo zonke izinhlanga.

Ngakolunye uhlangothi, iNyuvesi yaseNatali neyasungulwa ngonyaka we-1910 njenge-Natal University College eMgungundlovu yahlinzekwa ngegunya lokuba yiNyuvesi ezimele ngowe-1949 kulandela ukukhula kwezibalo zabafundi, yizifundo ezinhlobonhlobo kanye nokuhlabana kwayo kwezocwaningo. Ngaleso sikhathi i-NUC yayisivele inamakhempasi ehlukene njengoba yayisikapakele naseThekwini ngemva kweMpi Yokuqala. Isakhiwo sekhethelo i-Howard College savulwa ngonyaka we-1931, kulandela umnikelo kaMnu. T.B. Davis, owayenendodana eyabulawa eMpini yaseSomme ngenkathi Sempi Yokuqala Yomhlaba. Ngonyaka we-1946, uHulumeni wagunyaza uMnyango Wezolimo eMgungundlovu, kwazothi ngo-1947, kwagunyazwa iSikole Sezokwelapha sabaMnyama, amaNdiya, kanye namaKhaladi eThekwini.

Lezi zikhungo ezimbili eziKwaZulu-Natali zaba ngezinye zezikhungo zokuqala ukuba ziditshaniswe ngonyaka wezi-2004 kulandela amasu kaHulumeni ngezemfundo ephakeme azogcina ehlise izikhungo zemfundo ephakeme zisuka kwezingama-36 ziya kwezingama-21. Ukuditshaniswa kwamaNyuvesi nokwagunyazwa yiKhabhinethi ngoZibandlela wezi-2002, kungumphumela wochungechunge lokuxhumana nezinhlaka ezehlukene mayelana nokuguqulwa KoMkhakha Wezemfundo Ephakeme nokwaqala ngeminyaka yama-1990’s.