Funda nge-UKZN
Menu
Ithimba lezigele libika eMkhandlwini ngezinto ezithinta ukufundisa, ukufunda, ucwaningo kanye nokusebenza kweNyuvesi ngokwezemfundo neminye-ke imisebenzi eliyinikezwa wuMkhandlu.
Amalungu eThimba Lezigele
- Ithimba lezigele, kuye ngalokho okuhlinzekwa uMthetho, lakhiwe;
- usekela-shansela;
- amaphini kasekela-shansela;
- isikhulu esinomthwalo ngezinsiza kubafundi;
- oyedwa omele umkhandlu okufanele angabi umsebenzi noma umfundi futhi okhethwa wumkhandlu;
- usihlalo webhodi lezokulekelele;
- umqondisi wezemitapo yolwazi;
- umqondisi wokugqugquzela iqophelo nokuqinisekisa;
- usihlalo wesithangami sesikhungo;
- umengameli wembizo noma lowo okuphakanyisiwe;
- idini yocwaningo enyuvesi;
- amadini ocwaningo emakolishi;
- amadini okufundisa nokufunda emakolishi;
- izimeneja zekolishi ezinomthwalo wokuphathwa kwemfundo yabafundi ekolishi;
- zonke izinhloko zezikole;
- abasebenzi bezemfundo abaqashwe ngokugcwele abavela esikoleni ngasinye futhi abakhethwe ngokufanelekile yileso sikole ngasinye;
- umlingani weNyuvesi oyilungu labasebenzi eliqashwe ngokugcwele kwezokufunda bale Nyuvesi, okhethwe ngabalingani;
- abamele izitshudeni abayisithupha, oyedwa ngekhempasi ngayinye, futhi okhethwe ngokufanelekile uMkhandlu Omele Abafundi (SRC) waleyo khempasi, kanye noyedwa omele abafundi woMkhandlu Omele Abafundi oyindlunkulu okhethwe yilowo mkhandlu;
- lawo malungu engeziwe avunyelwe yithimba lezigele.