Back

Senate

Ithimba lezigele libika eMkhandlwini ngezinto ezithinta ukufundisa, ukufunda, ucwaningo kanye nokusebenza kweNyuvesi ngokwezemfundo neminye-ke imisebenzi eliyinikezwa wuMkhandlu.

Amalungu eThimba Lezigele

  1. Ithimba lezigele, kuye ngalokho okuhlinzekwa uMthetho, lakhiwe:
  2. usekela-shansela;
  3. amaphini kasekela-shansela;
  4. isikhulu esinomthwalo ngezinsiza kubafundi;
  5. oyedwa omele umkhandlu okufanele angabi umsebenzi noma umfundi futhi okhethwa wumkhandlu;
  6. usihlalo webhodi lezokulekelele;
  7. umqondisi wezemitapo yolwazi;
  8. umqondisi wokugqugquzela iqophelo nokuqinisekisa;
  9. usihlalo wesithangami sesikhungo;
  10. umengameli wembizo noma lowo okuphakanyisiwe;
  11. idini yocwaningo enyuvesi;
  12. amadini ocwaningo emakolishi;
  13. amadini okufundisa nokufunda emakolishi;
  14. izimeneja zekolishi ezinomthwalo wokuphathwa kwemfundo yabafundi ekolishi;
  15. zonke izinhloko zezikole;
  16. abasebenzi bezemfundo abaqashwe ngokugcwele abavela esikoleni ngasinye futhi abakhethwe ngokufanelekile yileso sikole ngasinye;
  17. umlingani weNyuvesi oyilungu labasebenzi eliqashwe ngokugcwele kwezokufunda bale Nyuvesi, okhethwe ngabalingani;
  18. abamele izitshudeni abayisithupha, oyedwa ngekhempasi ngayinye, futhi okhethwe ngokufanelekile uMkhandlu Omele Abafundi (SRC) waleyo khempasi, kanye noyedwa omele abafundi woMkhandlu Omele Abafundi oyindlunkulu okhethwe yilowo mkhandlu;
  19. lawo malungu engeziwe avunyelwe yithimba lezigele.