Vision & Mission
Umbono
Ukuba YiNyuvesi engu ngqa phambili Kwezocwaningo Lwezemfundo e-Afrika
Impokophelo
INyuvesi engeyaseNingizimu-Afrika ngokuphelele edla ubhedu kwezemfundo, engungqa phambili kwezocwaningo, ezibandakanya nomphakathi nemele abantu ngokulingana, exazulula ukuvimbeleka nokungalingani kwesikhathi esedlule.
IMIGOMO NEZIMISOMPILO EZINGUMGOGODLA
Inyuvesi iphokophele ukuba yisikhungo esishitshile nesincike ekuqondeni kabanzi ngezinjongo zaso ezibhekelele uguquko olubanzi olunesisekelo sezimisompilo okusetshenzelwa phezu kwazo. Lezi zimisompilo zingumhlahlandlela kuyo yonke imizamo yayo.
NjengeNyuvesi siyazibophezela:
- Ukukhuthaza nokuhlonipha abantu abanamava kwezemfundo, abasebenzi nabafundi ukuba bazibandakanye ekucubunguleni ngokuhlolisisa, ocwaningweni oluzimele, ekubambeni iqhaza kwezokucabanga nenkulumo mpikiswano nomphakathi ngomoya wokuqhakambisa umthwalo ebhekene nawo iNyuvesi, kulandelwa imigomo yenkululeko kwezemfundo kanye nokuzimela kwesikhungo
- Ukukhuthaza ukufinyelela kwawo wonke umuntu emfundweni ezokwandisa amathuba okuqashwa kubo bonke.
- Ukuvumela umthwalo wethu njengeNyuvesi yomphakathi ukuxhasa nokubamba iqhaza entuthukweni kazwelonke neyesifunda, nenhlalakahle nokufukulwa komphakathi jikelele ngokusungula nokusabalaliswa kolwazi nokukhiqiza abafundi ababalulekile emphakathini.
- Ukuziphatha ngokulandela izinqubo zempilo ezisezingeni eliphezulu, nokuhlinzeka ngemfundo egqugquzela ukuqwashisa ngokuziphatha okulandela izinqubo zempilo ezihlabahlosile emphakathini ohlukahlukene ngokwempilo.
- Ukulawula nokuphatha iNyuvesi ngokubhekelela isimo sendawo nokukhuthaza usiko lokusebenzisa izinsiza zemvelo ngendlela esezingeni eliphezulu nezokonga imvelo.
- Ukuqinisekisa ukuphatha okunempumelelo ngokukhuthaza ukuzibandakanya okuvulelekile, ukumeleleka okuhambisana nentando yeningi, ukuphendula ngamagxathu esiwathathile kanye nokuthembeka okuyisibonelo okuholela ekwakhiweni kwezisekelo zentando yeningi yezwe lakithi.
- Ukuhlonipha isimisompilo somuntu ngamunye ngokukhuthaza ukuzicabangela, ezenhlalo, nokuhlala kahle kubasebenzi nabafundi ngokubekezelelana nokuhlonipha ukwehlukahlukana ngokwezilimi, amasiko ehlukene, inkolo, nezimisompilo zezenhlalo, kanjalo nokuqhuba umkhankaso wokuhlonza okungase kwenziwe umuntu nomuntu ngokugcwele.
IZINHLOSO
Izinhloso zeNyuvesi yilezi:
Umhlab’uhlangene oholwa ngokwase-Afrika
Ukukhuthaza umhlab’uhlangene oholwa ngokwase-Afrika ngokugqugquzela ucwaningo ngokwase-Afrika, ngokokufundisa, ukufunda, imifundaze, ucwaningo nokusungula okungakaze kube khona phambilini ukuze kufinyelelwe kuchungechunge lokusatshalaliswa kolwazi umhlaba wonke.
-
Ukuzibandakanya ngokuphelele nomphakathi
Ukubamba iqhaza ekuphumeleleni nokusimama kwesifundazwe sethu ngokolwazi kanye nokwakha isizwe, ngokuxhumana nokuzibophezela emiphakathini esiyakhele ngendlela eyengeza ukubaluleka nokuhlonishwa yileyo miphakathi, ukunconywa nokwethenjwa. -
Ukuhamba phambili kwezocwaningo
Ukwakha inqubo yezocwaningo eqhakambisa ukuphendula kwabasebenzi ngezinqumo abazithathile ukukhulisa abafundi abaqhuba izifundo zabo, kanye nokuba ngumkhiqizi ovelele wolwazi olusha olusezingeni lasekhaya kanye nasezingeni lomhlaba, nokuchaza i-UKZN njengeNyuvesi engungqa phambili kwezocwaningo lwezemfundo e-Afrika. -
Ukudla umhlanganiso Kwezokufundisa Nokufunda
Ukukhuthaza ukudla umhlanganiso ekufundiseni nasekufundeni ngokusebenzisa nokuthuthukisa uhlelo lwezemfundo olungakaze lube khona, amasu okufundisa kanye nokuvivinya alandela imigomo yokulawula ukuvivinywa eseqophelweni eliphezulu. -
Isikhungo Sokuzikhethela Kubafundi
Ukusimamisa iNyuvesi njengesikhungo sokuzikhethela esiqhakambisa ukubaluleka kwabafundi ngokwahlukahlukana kwabo nokuqhuba ngendlela eqhakambisa abafundi, sihlinzeka abafundi ngohlelo lwezemfundo, abafundisi, ingqalasizinda kanye nezinsiza zokuxhasa ezisungulelwe ukukhiqiza abafundi abafundiswe nabaqeqeshwe ngokwanele futhi abayinyama uma sebephothule iziqu zabo. -
Isikhungo Sokuzikhethela Kubasebenzi
Ukusimamisa iNyuvesi njengesikhungo sokuzikhethela esiheha siphinde sigcine abasebenzi abasezingeni eliphezulu kulabo abaqashwe ngokugcwele kanjalo nalabo abasebenza ngokwetoho ngokukhuthaza indawo lapho kucatshangwa khona ekhuthaza impilo yokufunda, nenhlalo ekhuthaza ubumbano lapho abasebenzi beqonda iqhaza labo lokuqinisekisa impumelelo yeNyuvesi. -
Ukuphatha Okunempumelelo Nokusebenzayo
Ukusimamisa nokugcina izimiso nezinqubo ezinempumelelo nezisebenzayo ezihlinzeka ngosizo olunakekelayo nolungathathi isikhathi eside ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zangaphakathi nezangaphandle ngendlela ekhululekile nelandelelekayo.